user preferences

Yini i-Anarcho-Syndicalism?

category international | anarchist movement | opinion/analysis author Thursday March 31, 2016 07:44author by Tokologo African Anarchist Collective - TAACauthor email tokologo.aac at gmail dot com Report this post to the editors

Published in TOKOLOGO: Newsletter of the Tokologo African Anarchist Collective # 5/6

I-Syndicalism uhlelo oluzama ukwehluka kunezihlelo ezejwayelekile zokuphatha nemibuso, ngamanye amazwi i-capitalism nohhulumeni. Ekuqadeni uhlelo lwe-capitalism ubukhomanisi badala into esabeka kakhulu ngokubeka amandla omnotho ezandlani zikehhulumeni kuphela. I-Syndicalistm ishiya emuva zonke izinhlelo zokuphatha esezidale ukucindezelwa noku xhashazwa komuntu ngomunye umuntu futhi. I-syndicalism ibuye izame ukwakha inhlangano eyakhiwe phezu kwezidingo zabantu hhayi izifiso zeziphathimandla futhi eyakhiwe phezu kokubambisana kwabantu abazibusayo, abalinganayo okubhekele ekutheni izidingo zika wonke wonke zifezeke, hhayi zabasezikhundleni.
anarchosyndicalism.png

I-Syndicalism iyonandlela i-Anarchism ezembula ngayo kulabo abasezimbonini. I-Anarchism yona isifundisa ukusebenzisana emhlabeni ongenahhulumeni. I-Anarchism igqugquzela indlela yokuhlela umphakathi eyakhiwe phezu kokubambisana ukuze kufezeke izidingo zenhlalakahle zomuntu ngamunye, hhayi ukuphoqelelwa nguhhulumeni okuyinto eyenzeka ngisho kulawo mazwe athi anentando yeningi. Ukuhlanganyela ngokuzi khethela isisekelo sokuqhuba umkhiqizo kanye nezinkonzo zomphakathi, hhayi ukuphoqelelwa iziphathi mandla ezisebenza ephalamende, emaphoyiseni, abasemagunyeni, imithetho, intela emikhosini yezempi nobudlelwane obungaqondakali kanye namazwe angaphandle. Konke lokhu akunamhlaba emiphakathini olawulwa ubuntu nobuhlakani. Kwi-Anarchy umuntu, angaphila njengezifiso zakhe inqobo-nje uma lezozifiso zingalulazi amalungelo abanye abantu.

Ama-Anarchist akholelwa ukuthi amandla omkhiqizo kumele aphathwe umphakathi, futhi ngokuqeda ubunini-mphahla imvelo kanye nolwazi lwezobuchwepheshe kuyosetshenziselwa inhlalakahle kawonke-wonke. Ukuze kugwenywe ukuthathwa kwalezizinto ngabanye ekususweni ko-bbasi kumele ukuthi izimboni ziphathwe ilabo abathintekayo kulezondawo, ngamanye amazwe labo bantu abangabasebenzi.

I-syndicalism iyona-ndlela labo-basebenzi abayophatha ngayo amandla okukhiqiza mgokubambisana. Ngaphezukwalokhu, i-Syndicalism indlela abasebenzi okumele bahlanganyele-ngayo emhlabeni osabuswa ngosozimboni ukuze baketulwe ozozimboni bese kungena uhlelo olungabandlululi ngokwezinga lomnotho.

I-syndicate-ke yona uhlobo lwenyunyana ehlukile kulezo ezejwayelekile ngokuthi ayilweli ukuguqula izimo ezifana namahholo kanye nesimo sokusebenza nje kuphela, kodwa ibuye ihlongoze ukuketulwa kohlelo lwengcindezelo (I-capitalism) besekumiswa ukuphatha kwabasebenzi. Lokhu akusho ukuthi loluhlobo lwenyunyana aluzishayi-ndiva izidingo zabasebenzi zansuku-zonke kodwa amalungu ayo ayabona ukuthi ngaphandle kokupheliswa kombuso wosozimboni angeze afezekiswa amalungelo nokukhuseleka kwabasebenzi emisebenzini.

I-syndicate ibuye yehluke ezinyunyaneni ezejwayelekile ngendlela yokuhlaela. Inyunyana eyejwayelekile inendlela yokuphatha efana nekahhulumeni ekutheni inenhloko-hhovisi eliqhelile kubantu kanti futhi ineziphathi-mandla ezinamalungelo namandla angaphezu kwalawo awabasebenzi okuyibona abazi khethayo futhi izona iziphathi-mandla okumele ukuba zibhekelele amalungelo abasebenzi.

I-syndicate ngakolunye uhlangothi kekelwe ekubunjweni kwabasebenzi kuleyo naleyo-mboni endaweni yokusebenzela. Abasebenzi embonini ngayinye, edepho kumbe epulazini bayoba yizikhungo ezizimele, ezizilawulayo futhi ezithatha zonke izinqumo eziphathelene nomsebenzi. Lezizikhungo ziyobuye zibumbane ukwakha i-syndicate ekuyiyona eyohlela ukusebenza kwezimboni-kazi njenge-zimayini. I-syndicate ayibi isishayimthetho esikhungwini ngasinye futhi ayikwazi ukuguqula izinqumo ezithathwe esikhungwini. Ayinazo iziphathi mandla ezihlezi ziphethe zingashintshwa okuyiyona-nto ekhuphula izinga lazo zenhlalakahle libe ngaphezu kwelabasebenzi futhi azinawo amandla okulawula izimpilo zabantu

I-syndicate isebenza ngokubunjwa kusukela phansi kuya phezulu hhayi kusekela kwabaphezulu kuya kwabaphansi futhi njengoba ingaphethwe intando yeziphathi-mandla iyona ekwazi ukuba ngummeli weqiniso owedlula zonke ezinye izindlela zokubumba izinhlangano. Ukungphathwa kwayo ngosozikhundla abasemahhovisi aqhelile kubasebenzi kanye nokungasekeli kwayo amagunya engcosana yabantu, lokhu kwenza loluhlobo lwenhlangano isikhali esibalulekile ekulweleni amalungelo ngendlela okuyiyona-yona.

Ekuchithweni kohlelo lo-bbasi lokubusa i-syndicate iyothatha inkinga yokuhlela ukusebenza ngokomnotho kwabasebenzi. Ngesibonelo nje, kololiwe i-syndicate iyohola abasebenzi ekuthathweni kwemizila, iziteshi, impahla kaloliwe kanye nokusetshenziswa kwao ukuze kufezwe inguquko, hhayi ukuze kufezwe izinifuno zabaphathi.

Emuva komvukela-mbuso i-syndicate iyobumba isisekelo okuyokwakhiwa kuso imiphakathi ekhululekile. Ama-Anarchist kawenzi- zinqumo ngokuthi lemiphakathi ekhululekile iyoziphatha kanjani ngoba bekholelwa ukuthi imigomo nemithetho ivimbela ukukhula nokuguquka kwemiphakathi okungabangela ukuthi lemiphakathi inqundeke. Nakuba kunjalo,ama-anarchist ayakubona ukuthi emuva kokuchithwa kwemibuso yo-bbasi kuyodingeka olunye uhlelo lokuphatha oluzobhekana noshintsho kusukela koludala kuya enkululekweni.

Ukuhlela izimboni, ezokuthutha kanye nezolimo ngaphansi kwama-syndicate emuva kwenkululeko kuyofana njengaphambilini ngaphandle kokuthi enkululekweni abasebenzi angeke besalwela ukuvukela umbuso kodwa bazolwela ukwakha isisekelo sezwe elilawulwa inkululeko namalungelo kawonke-wonke.

Isikhungo ngasinye, kumbe imboni, noma uloliwe uyophathwa ngabasebenzi baleyo-mboni. Akuyobabikho zimenenja noma iziphathi-mandla futhi ngumsebenzi ngamunye ehlangene nabanye abasebenzi ngokulinganayo abayobonelela ukuqhutshwa kwemboni abasebenza kuyona.

Akumele ukuthi kucabangeke ukuthi ama-syndicalists athatha ukukuphatha izimboni njengento elula. Umuntu ongaphansi kwe-syndicate uyazi ngokusebenza embonini leyo ukuthi buchule-buni obudingekayo, uyazi futhi nokuthi iziphathi-mandla zehlukene nomsebeni wangempela azazi lutho ngokuphathwa ngendlela kwemboni ngayinye.

Uma bonke abantu abasebenza kuloliwe benolwazi lokuthi uloliwe usebenza kanjani futhi bazi nezinkinga okuhlangabezeka nazo nsuku-zonke, kusho ukuthi ibona abangaphatha uloliwe ngendlela engcono kuneziphathi- mandla. Ithuba-ke kodwa lokufunda lokhu alinikezwa abantu abasebenza kololiwe. (Kunalokhu izinkampani zikhetha ukuhlanekezela lokhu ngokuthi bafundise iziphathi-mandla ezindaweni zemfundo ezephakeme kodwa izifundiswa aziwazi umsebenzi). Abasebenzi lapha kusho wonke umuntu obamba iqhaza ekukhiqizweni noma ekuletheni izinkonzo zabantu emphakathini kuhlanganiswe nochwepheshe nomabhalane kodwa hhayi izimenenja kanye nabanye abasemagunyeni. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi labobantu balethwe enhlanganweni yabasebenzi. Lezizinhlangano ziyobumbana ukuze zakhe inhlangano enkulukazi eyophatha izinhlelo kuzwelonke futhi ihlele ukusebenzisana phakathi kwezimboni.

Izinhlangano zezimboni kumbe ama-syndicate ayohlangana abumbe ihlangano kazwelonke eyobonelela ukuthi izingxenye zokukhiqiza umnotho zihlelekile futhi ziyasebenzisana.

Izifiso ezindlala njengokukhanda imali nokuqhuba intando yomuntu oyedwa akuseyuphinda kuphathe isimo sezomnotho. Kunalokho ugqozi lomsebenzi luyovela ekusebenzeleni izidingo zika wonke-wonke ngaphandle kobandlululo. Kulesosimo akuyibabikho lutho olungavimbela ukuthuthuka kwezemvelo nakwezobuchwepheshe okungasetshenziswela ukuphakama kwezwe lonkana. Abantu bayozinqumela-bona izinga lempilo abalifisayo bese besebenza ngokubambisana ekufezeni lezozifiso.

Masikugweme ukucabanga okuthi abasebenzi bayothokoziswa indlela abaphila ngayo njengamanje. Ithuba lokuba bakhe ikusasa elingcono kanye nokuthi abantu badalelwe umsebenzi kuyobangela abasebenzi ukuba basebenze futhi baphathe kangcono umnotho kunendlela o-bbasi abawuphethe ngayo. Izindlela zokuphatha ezivuna ingcindezelo ziyopheliswa. Esikhundleni sazo kuyobekwa izindlela zokuphatha lapho abasebenzi uqobo bengabaphathi. Lapho abasebenzi bengenakuzenzela lokhu mathupha bayokhetha izithungwa ezikhethwe kubasebenzi futhi ziphathe ngokwentando yabasebenzi. Lezizithunywa aziyukuba iziphathi-mandla futhi angeke zizithathele kuzo izinqumo kehpa bayohlela ukusebenzisana kwabasebenzi futhi aziyikuthola-nzuzo ngokwenza leyomsebenzi.

Lezizithunywa aziyikuziphakamisa ngaphezu kwabanye abasebenzi kumbe ngamandla, noma ngamagunya noma ngesikhundla. Indlela yabaqashi yokubaphoqelela abantu ukuba babasebenzele yihholo, ngakho-ke ihholo liyopheliswa. Ngalendlela wonke umuntu uyothola lezozinto ezenza impilo ibenhle ngoba zonkelezizinto aziyikukhokhelwa. Akuyibakho namunye umsebenzi oyovuza ngaphezu komunye ngenxa yenqubo ethi uhlobo lomsebenzi lungolwezinga eliphezulu. Futhi akuyibakho-baphathi abaphila ngokunethezeka ngesikhathi abasebenzi bethola imvuthuluka. Abantu abayikuvuzwa ngokwezinga lomnotho ngoba ukuxabisekakomsebenzi awunasilinganiso kodwa bayovuzwa ngokwezidingo zabo okuyiyona kuphela indlela yokwakha umphakathi onobuntu neqiniso.

UKUNGALINGANI AKUYONA IMVELO. SONKE SIZALWE SILINGANA. NJENGABANTU SIWUTHO OLULINGANAYO. SINEZIPHIWO, IZIDINGO NOKULANGAZELELA OKUNGEFANI KODWA SISENGABANTU. UKUNGALINGANI AMANGA ABAWASEBEZISAYO UKUCHAZA UKUCEBA KWABO NOBUMPOFU BETHU

Umbhali akaziwa

Related Link: http://zabalaza.net
This page can be viewed in
English Italiano Deutsch
© 2005-2024 Anarkismo.net. Unless otherwise stated by the author, all content is free for non-commercial reuse, reprint, and rebroadcast, on the net and elsewhere. Opinions are those of the contributors and are not necessarily endorsed by Anarkismo.net. [ Disclaimer | Privacy ]