user preferences

New Events

Southern Africa

no event posted in the last week

i-ANC Ikhumula Isifihla Buso Sayo! Kubulewe Abasebenzi!

category southern africa | repression / prisoners | feature author Thursday May 09, 2013 23:48author by TAAC, iWAC, ZACFauthor email zacf at riseup dot net Report this post to the editors

Osozimali nosopolotiki banecala! Asimise ukuhlukunyezwa ngamaphoyisa. Akukho bulungiswa. Akukho xolo. Asifuni uZuma, Asifuni uMalema, Asefuni iLONMIN!

featured image

Umthetho sisekelo walelizwe uthembisa amalungelo epolitiki nokulingana kwabantu. Kucacile ukuthi osozimali nosomapolitiki bazenzela umathanda. Banyathela ubuso babantu baseMzansi. Isibonelo esidumile esamaphoyisa ebulala abasebenzi bezimayini zaseLonmin Marikana.

Abantu! Kumele sibhekane neqiniso. Uhulumeni we-ANC nezikhulu zosozimali yibona abashaya isicathulo. Indlela yokwenziwa kwezinto eMzansi yenza abanemali neziqumama bakhukhumale. Abasebenzi nabahlupheki bazabalaze. Asinasisekelo. Uyasebenza, kodwa awukwazi ukuphila. Amanani okudla ayanyuka ngala. UGESI uyanyuka ngale. Kumele sikhokhe? Ngani? Mesizabalaza sigqugquzelana, siyadutsulwa.

[seTswana] [English] [Italiano] [Français] [Ελληνικά ]


I-ANC IKHUMULA ISIFIHLA BUSO SAYO! KUBULEWE ABASEBENZI!

Osozimali nosopolotiki banecala!Asimise ukuhlukunyezwa ngamaphoyisa. Akukho bulungiswa. Akukho xolo.
Asifuni uZuma, Asifuni uMalema, Asefuni iLONMIN!

Umthetho sisekelo walelizwe uthembisa amalungelo epolitiki nokulingana kwabantu. Kucacile ukuthi osozimali nosomapolitiki bazenzela umathanda. Banyathela ubuso babantu baseMzansi. Isibonelo esidumile esamaphoyisa ebulala abasebenzi bezimayini zaseLonmin Marikana.

AMALUNGELO KABANI?

Abantu! Kumele sibhekane neqiniso. Uhulumeni we-ANC nezikhulu zosozimali yibona abashaya isicathulo. Indlela yokwenziwa kwezinto eMzansi yenza abanemali neziqumama bakhukhumale.

Abasebenzi nabahlupheki bazabalaze. Asinasisekelo. Uyasebenza, kodwa awukwazi ukuphila. Amanani okudla ayanyuka ngala. UGESI uyanyuka ngale. Kumele sikhokhe? Ngani? Mesizabalaza sigqugquzelana, siyadutsulwa.

I-ANC/UHULUMENI NABAPHATHI/ IZINKAMPANI = BAHLANGENE NGOBUDLELWANE

Uhulumeni waleli usebenzisa ingcindezelo nesihluku kwiningi yaseMzansi. Siyamasha, siyakhuluma ngezinkinga zethu. Phela ilungelo lethu. Ingoba siyasokola ukuze siphile. Manje, silwa nabaphakeme kule lizwe: laba abahola uhulumeni nabaphethe izinkampani ezinkulu (njenge Lonmin).

Amazwi ethu avalwa ngezinhlamvu zezibhamu. Noma singavumelani ngokugcwele ngezehlakalo nezenso zabasebenzi baseMarikana, sizohlezi siyingxenye yabasebenzi nabahlupheki phambi kwahulumeni nosozimali.

ANYCL = ANC = UKUBULAWA KWENINGI KWASE MARIKANA

Uhulumeni woshintsho (i-ANC) wathembisa inguquko kepha ungene shixi kwizigameko zohulumeni omdala. Ngenxa yezinkalo ngengcindezelo yohulumeni omdala (i-National Party), i-ANC yangena ephalamende yase yaqhuba iNingizimu Africa. I-National Party yabulala abasebenzi. Kodwa sekuyi-ANC esibulala abasebenzi. Kushintsha nje izandla zomphathi.

I-ANC Youth League (phecelezi ANCYL), ayinakusho ukuthi izama ukumisa ukubalawa kwabantu ngamaphoyisa (bona istatimende se-ANCYL esibhalwe mhlaka-17 August 2012). I-ANCYL iyingxenye yahulumeni ophethe, sisho i-ANC.

uMalema nabanye abaholi abagxoshwa kwi-ANCYL bafuna ukusebenzisa lezizigameko ukuze babuyele kwi-ANC – baqhubeke babe yiziqumama ngohubhu lukabhejane. Kepha izandla ze-ANC zigcwele igazi.

Abaholi abadala nabasha be-ANCYL (njengabo bonke abaholi be-ANC) bafuna imali edlulele, hayi inkululeko yabantu.

UMNOTHO WEZWE – CHA, SIYABONGA THINA!

Isistemi yomnotho wezwe ivulela isihluku nokuphucwa komnotho kanye nentlupheko. AbaNsundu, amaKhaladi namaNdiya bayingxenye yabasebenzi abahlukunyezwa ngezizathu zobandlululo, kanye nengcindezelo yezwe esuka kosozimali namaphoyisa ntsuku zonke (ngisho nabasebenzi abaMhlophe bacindezelwe).

INHLANGANISO, HAYI UKUSUNGULA

I-ANCYL isebenzinsa izehlakalo zokubulawa kwabantu okuhlangene ne-ANC ukudumisa “ukusungulwa kwezimayini nezinye izingxenye zomnotho”. Kodwa iMarikana yazi kahle kamhlophe ukuthi usebenza kanjani uhulumeni, noma kungaba yiliphi iqembu lepolitiki: ingumshini wokubulala yeziqumama zabaNsundu nohlobo olubusayo labaMhlophe.

Ukusho ukuthi abasebenzi bangempela kumele baphathe umnotho akusho ukuthi izinkampani ezizimele noma ezohulumeni. Kufanele kuqondane nenkululeko yokuphatha umnotho ngabantu namakomiti omphakathi, ogqugquzelwa izidingo zabantu.

AMAPHOYISA AWAKWAZI UKUSHINTSHWA

Umsebenzi wamaphoyisa nje ukuthulisa isigaba sabasebenzi nabantu abangaphansi. Lenkinga ayikwazi ukulungiswa uphenyo lodaba kuphela – njengokucabanga kwethu. Buzani nje umndeni ka-Andries Tatane. Akushintshwa yindlela yokhetho kuphela. Khumbulani: eSharpeville ngo-1960, eSoweto ngo-1976, eUitenhage ngo-1985, uMichael Makhabane ngo-2000, abasebenzi be-SAMWU ngo-2009, uAndries Tatane ngo-2011… neMarikana ngo-2012. Abamashi neziteleki ezingamashumi ababili nanhlanu (25) babulawa kusukela unyaka ka-2000, ngaphambu kweMarikana.

AMANDLA ASEBANTWINI, HAYI UKHETHO LWEPOLITIKI NAMAQEMBU

Asibheke iMarikana. Ukhetho lwepolitiki alushintshi lutho. Ukungena esikhundleni sohulumeni nokuba usomapolitiki akusiyo mpendulo. Ukufaka omunye umholi esikhundleni sika-Jacob Zuma akuyona impendulo. Iqembu lepolitiki elisha – noma “elivulekile ngomqondo” noma “iqembu labasebenzi” – nayo akuyona impendulo. Wonke amaqembu epolitiki awayona impendulo.

SUKUMANI MAYUNYONI!

Amayunyoni eMarikana, iNUM neAMCU, abambeka kunoxhaka owabekwa osomapolitiki. Baphenduka balwa ndawonye, bayeka ukulwa nesitha sangempela. Amandla atholwa ngenhlangano: hhayi inhlukano nokudonswa ngekhala. Basebenzi bezwe hlanganani! Makilasi angaphansi awowonke amazwe nemibala hlanganani! Asiyiqede inhlangano yeCOSATU neANC! I-COSATU akumele ihlangane ne-ANC echicha igazi.

PHECELEZI, I-ANARCHISM (UKUZIHOLA KWABANTU) = UKUBUYISELA AMANDLA

Isikhathi sokubuyisela amandla ebantwini, asuke kulesistemi somnotho wezwe (phecelezi “i-capitalism”). Lento isho ukuthi sifuna abasebenzi nemiphakathi ihole umnotho, kusukela ngaphansi. Sifuna intando yeningi nokuzikhulisa kwabasebenzi emisebenzini; sifuna imiphakathi izikhulise ngokwayo. Sifuna ukuthatha izinqumo sihlangane ngokuthi izimpilo zethu siziphila kanjani. Asifuni ukuphila ngemithetho eyenziwe osomapolitiki abasebenzisa amaphoyisa asidubula njengezinja uma singalaleli.

SISODWA ISOMBULULO: INTANDO YENINGI YABASEBENZI! SIDINGA WENA! UNGAVOTI, GQUGQUZELANANI!

Uma uvumelana nalezizihloko noma ufuna ukwazi kabanzi ngokuzihola (phecelezi, le-anarchism) sithinte kuleli: 072399 0912 noma zacf@riseup.net . Ikhishwe ngu: Tokologo Anarchist Collective, ne-Zabalaza Anarchist Communist Front, kanye neNkululeko Wits Anarchist Collective.

Related Link: http://zabalaza.net
This page can be viewed in
English Italiano Deutsch
© 2005-2024 Anarkismo.net. Unless otherwise stated by the author, all content is free for non-commercial reuse, reprint, and rebroadcast, on the net and elsewhere. Opinions are those of the contributors and are not necessarily endorsed by Anarkismo.net. [ Disclaimer | Privacy ]